Nothing Special   »   [go: up one dir, main page]

IsiZulu 2

Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 16

NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-2 kwayi-17

ISIQEPHU A ISIFUNDO SOKUQONDISISA

UMBUZO 1

Funda le ndaba bese uphendula imibuzo elandelayo.

INTANDOKAZI / 14 FEBRUARY 2019, 4:00PM / UPHILI MJOLI

KUMTHATHE iminyaka emithathu ukugcwalisa isaka elilodwa likadoti uthisha wesikole esigcine
siphumelela emncintiswaneni wokuqoqa imfucuza/udoti ohlelwa iCoca Cola Beverages South
Africa (CCBSA).

UNksz Mathombi Khwela ofundisa ibanga 3 Eqinisweni Primary, eMatikwe, eNanda, uthe
wacishe wawushiya phansi umncintiswano ayekade ezingenele yena kuwo ngoba ezwe ukuthi
kutholakala imiklomelo esiza ekuthuthukiseni isikole.

Uthe wawuthanda umncintiswano emuva kokuba ezwe omunye wothisha owumngani wakhe
ekhuluma ngezinto asebezenzile ngokusizwa ngabakwaCCBSA.

"Umngani wami wayejabula uma exoxa nangezindawo abazihambayo behlelelwe yiyo iCCBSA.
Ngangizwa sengathi kulula kanti angibuzanga elangeni. Basinika amasaka amane, kwathiwa
asiwagcwalise. Ngithe uma ngilivula elokuqala ngabona ukuthi kanti likhulu kangaka.

"Ngangikhuluma nabafundi kodwa kube ngabancane abafika nezigubhu zeplastiki, abaningi


babengayingeni indaba yami. Imoto ezothatha udoti yayifika elethu isaka lingewona nohhafu.
Umuntu oqoqayo wayejabha esefikile uma ebona ukuthi kanti uzothatha into encane kangaka.
Kwaze kwafika lapho engitshela khona ukuthi kumosheka uphethroli uma efika udoti ungenele.
KwaCCBSA bangitshela ukuthi bazongikhipha. Inhliziyo yami yayibuhlungu ngoba uma ngibiziwe
ngizobuka ezinye izikole sezithola imiklomelo yazo, othisha engangikhuluma nabo babethi
kulula. Banginika amasu kodwa awangisizanga."

IEB Copyright © 2021


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-3 kwayi-17

Uthe kwaba khona umehluko ngo-2016 esethola ukuthi kanti angafaka namaphepha. Ngelinye
ilanga wahamba nothishomkhulu wesikole beye emcimbini wabawinile sebeyothola izindondo.

"Uthishomkhulu wabona umsebenzi wezinye izikole wabuya ekhuthazekile. Wathi ngeke


sehlulwe ngezinye izikole ngokucosha udoti, kuzomele sibambisane. Sasisebenzisa imoto yakhe
sihambe ngayo siyocosha udoti emizini ebenemicimbi ngezimpelasonto, othisha nabo benza
okufanayo. Kwaba nomunye uthisha ongisizayo."

Ukwanda kwezigubhu, amathini namaphepha esikoleni kwaba nenkinga yokuthi kumele abheke
ukuthi ungagcwali egcekeni lesikole. Uthi abafundi bese benokusika izigubhu baphakele kuzo
uma bengawaphethe amapuleti.

"Izigubhu ezisikiwe bekwenzeka uzibone seziphephuka egcekeni, lapho sengizobizwa abanye


othisha bathi udoti wakho ususaphazekile. Emzini wami nakhona udoti ugcwele ngoba
omakhelwane bawuletha khona. Ngelinye ilanga nginomcimbi ngaze ngawufaka ebhuthini
ngibalekela ukuthi ubonwe yizivakashi. Izingane zami kwesinye isikhathi zivele zikhale ngenxa
yokwanda kwawo ekhaya. Lokho akungikhathazi ngoba ngifuna ukukhombisa esikoleni ukuthi
udoti uyimali."

Uthe umncintiswano ukwenza ukuthi uhlale ucabanga amasu amasha okuqoqa nokukhuthaza
abafundi.

"Ezinkundleni zezokuxhumana kuhlale kushiwo ukuthi yisiphi isikole esihamba phambili. Uma
usephansi uqhamuka namasu amasha ngoba ufuna ukwehlula lowo obona sengathi uhamba
yedwa phambili."

Ngo-2017 baqoqe amathani ayi-12 bathola uR12 000 athe kuzofakwa ngawo ophephela
emakilasini. Ngonyaka odlule bathole uR54 000 athe bafuna kwakhiwe ngawo umpheme (roof).

1.1 Le ndaba ibhalwe ngubani? (½)

1.2 Ibhalwe ngaluphi usuku? (½)

1.3 Khetha impendulo efanele:

1.3.1 Le ndaba ibhalwe (ekuseni, ntambama, ebusuku). (½)

1.3.2 Eqinisweni Primary yisikole samazinga (aphansi, aphezulu, aphakeme). (½)

1.4 Umncintiswano wani abakhuluma ngawo lapha? (1)

1.5 Kungani lesi sikole singenele lo mncintiswano? (1)

1.6 Kumthathe isikhathi esingakanani lo thisha ukuze awine lo mncintiswano? (1)

IEB Copyright © 2021 PHEQA IKHASI


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-4 kwayi-17

1.7 Nikeza igama elimqondofana naleli:

1.7.1 Abantwana (impendulo isendabeni). (1)

1.7.2 Ebaleni (impendulo isendabeni). (1)

1.8 Nikeza igama elimqondophika naleli:

Isitha (impendulo isendabeni). (1)

1.9 Lo mncintiswano wawubuye udale izinkinga kulo thisha.

Yiziphi lezi zinkinga? Bhala ezimbili. (2)

1.10 Chaza lesi simo sokukhuluma: "Angibuzanga elangeni." (1)

1.11 Ungamchaza njengomuntu onjani uNksz Mathombi? Sekela impendulo


yakho. (2)

1.12 Nikeza le ndaba isihloko esiyifanele. Kungani uyipha le si sihloko? (2)


[15]

IEB Copyright © 2021


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-5 kwayi-17

UMBUZO 2

Bukisisa lesi sithombe bese uphendula imibuzo elandelayo.

[Isithombe: <www.google.com>]

2.1 Bangaki abantu abagqoke izibuko kulesi sithombe? Bhala inombolo


ngesiZulu esifanele. (1)

2.2 Ngokwesithombe, yisikhathi sini manje? Bhala ngamagama esiZulu. (1)

2.3 Bhala isibonelo esisodwa esibonisa lokhu esithombeni:

2.3.1 ubuchwepheshe (1)

2.3.2 imvelo (1)

2.4 Chaza indlela yokugqoka nokuziphatha kwabantu besifazane kule ndawo.


Sekela ngamaphuzu amabili. (2)

2.5 Ngombono wakho, yini ehlanganisa laba bantu futhi bazokwenzani lapha? (2)
[8]

IEB Copyright © 2021 PHEQA IKHASI


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-6 kwayi-17

UMBUZO 3

Funda isikhangiso esingezansi bese wenza umsebenzi olandelayo.

Isikhala Somsebenzi
Uweta
(Inombolo yomsebenzi: 01/009/201)

Kunezikhala zomsebenzi ezivulekile endaweni yokudlela iKhululeka Restaurant. Kumenywa


abafundi abaphase uGrade-12 ukuba bathumele izincwadi zokufaka izicelo zalo msebenzi.

Izinto ezidingekayo kwabafaka izicelo:

• Iminyaka eyi-18.
• Ubunono.
• Ukuzimisela ukungena ekuseni kakhulu nokuphuma ebusuku kakhulu ngezinye izinsuku.
• Ukukwazi ukusebenza ngaphansi kwengcindezi.

Abenze izifundo zokupheka bayocatshangelwa kangcono.

Izicelo zingathunyelwa ekhelini elilandelayo:

UMphathi jikelele
Khululeka Restaurant
123 Chris Hani Road
Johannesburg
2021

Usuku lokuvalwa kokwamukelwa kwezicelo: 31 kuNovemba 2013

Qaphela: Izincwadi eziyofika ngemuva kosuku lokuvala aziyukwamukelwa. Uma singakuthintanga


emuva kwamasonto amabili kuyobe kusho ukuthi isicelo sakho asamukelwanga.
[Kucashunwe kwi-inthanethi]

3.1 Sithunyelwa kusiphi isifundazwe isicelo lapha? (1)

3.2 Yiluphi uhlobo lokuxhumana olusetshenziswa ukufaka lesi sicelo? Sekela


impendulo yakho. (2)

3.3 Bhala lokhu ngesiZulu esiphelele/ sangempela: "uGrade-12." (1)

3.4 Yiqiniso yini ukuthi kuzothintwa wonke umuntu emva kwamasonto amabili?
Sekela impendulo yakho. (2)

3.5 Ikhono elinjani elokusebenza ngaphansi kwengcindezi? (1)


[7]

Amamaki angama-30

IEB Copyright © 2021


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-7 kwayi-17

ISIQEPHU B UKUFINGQA

UMBUZO 4

• Funda le ndatshana bese UYIFINGQA ngamagama angama-50 kuya kwangama-60.


• Bhala amaphuzu AMAHLANU ngemisho ephelele.
• Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweyesi-5 NOMA
amabhulethi. UNGABHALI isigaba.
• Sebenzisa amagama akho emishweni.
• Sebenzisa ulimi oluhle.
• Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile, bhala INANI lamagama owasebenzisile.

(UVanilla akekho esikoleni, uthisha wakhe weZibalo uMnumzane Tutu ukhuluma naye
kumakhalekhukhwini)

UVanilla: Sawubona, uVanilla okhulumayo ngingakusiza ngani?


UMnu T: Yebo sawubona, kwangcono lwaphendulwa nguwena ucingo Vanilla.
UVanilla: (Ethukile) Ngikhuluma nobani?
UMnu T: Ukhuluma nomnumzane Tutu, uthisha wakho weZibalo.
UVanilla: Hawu! Abekho abazali bami mnumzane.
UMnu T: Ngiyazi ukuthi abekho, basemsebenzini yingakho ngikushayela kumakhalekhukhwini
wakho. Kungani ungekho esikoleni ngane yami?
UVanilla: Thisha … ngi … ngi …
UMnu T: Khuluma iqiniso ngane yami, ngifuna ukwazi.
UVanilla: Ngiyagula mnumzane, ngiphethwe …
UMnu T: Angithi uyazi ukuthi namhlanje kubhalwa isivivinyo esibalulekile futhi lo msebenzi
uzongena kwi-phothfoliyo? Abazali bakho bona bacabanga ukuthi wena usesikoleni
angithi?
UVanilla: Yebo.
UMnu T: Manje, yini inkinga yakho Vanilla? Wena njalo uma sibhala isivivinyo esibalulekile
uyagula? Vanilla, ngikhathazekile ngawe. Uzoya kanjani eNyuvesi ngonyaka ozayo
uma amamaki akho engemahle? Uyabona ukuthi uzofeyila?
UVanilla: Imoto yami ifile mnumzane.
UMnu T: Uyagula? Imoto yakho ifile? Ukhulumile nabazali bakho? Bayazi ukuthi imoto yakho
ifille?
UVanilla: Ngizamile ukushayela umama ucingo kepha akaphenduli. Ubaba yena akekho kulezi
zinsuku, uhambe nomsebenzi.
UMnu T: Umama wakho ngimfonelile mina kodwa uyaluphendula ucingo. Ngisola sengathi
awukhulumi iqiniso ngalokho ntombazane! Ngizothumela umshayeli wemoto
yalapha esikoleni ukuze akulande ekhaya uzobhala isivivinyo sakho manje.
UVanilla: (Kuzwakala izwi lomuntu wesilisa ngemuva) Shh! Shh! Yima kancane (ekhulumela
phansi)
Mnu T: Uthini? Ubani lo okhulumayo lapho? Yisoka lakho?
UVanilla: Cha, umabonaku …

IEB Copyright © 2021 PHEQA IKHASI


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-8 kwayi-17

Ekufingqeni kwakho bheka lokhu:


• Abantu abasengxoxweni nokuhlobana kwabo
• Inkinga nesisusa sengxoxo
• Ukuziphatha kwabo
• Imiphumela yokuziphatha kwabo
• Amaqiniso avezwa nguthisha

Ukwabiwa kwamamaki

Ingqikithi Amaphuzu amahlanu akhona futhi enza umqondo. 5


Ulimi Lusetshenziswe kahle, alunamaphutha. 2
Amagama omfundi Umfundi usebenzise amagama akhe. 1
Amaphuzu Izinombolo noma amabhulethi. 1
Inani Amagama esephelele ayi 50 kuya kwayi 60. 1
[10]

Amamaki ayi-10

IEB Copyright © 2021


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-9 kwayi-17

ISIQEPHU C IZINKONDLO

UMBUZO 5

Inkondlo efundwe ekilasini.

Funda le nkondlo engezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

KHOHLWA BADELILE

1 Lase liya kozilahla kunina


2 Ngihleli egqumeni ngiphumule,
3 Ngambona uBadelile eza,
4 Ehaya ingoma yakhe yemihla;
5 "Kwasuke kwafika abelungu
6 Bavula ijoyini, yamthatha
7 UFalakhe wakhohlwa yimi."

8 Kwakwal' insizw' imethembis' izulu


9 Kwakwal' insizw' ish' ukumlobola,
10 Kodwa phind' uBadelil' ukuvuma,
11 Wahlalel' ethembeni njalo,
12 Ngelinye ilanga uyozwa
13 Ngo "Sikhulekile", sekuwuFalakhe.

14 Kwakwala izintombi zimbhuqa,


15 Zikhuluma zigegisa amazwi,
16 Linye elikaBadelile,
17 "Uyobuya uFalakhe!"
…………………

5.1 Enkondlweni, ngubani owayeyisoka? Sekela impendulo yakho. (2)

5.2 Enkondlweni, tomula umugqa okhombisa lokhu:

5.2.1 Inkulumo engaqondile ngqo. (1)

5.2.2 Isikhathi sosuku. (1)

5.3 Thola igama elimqondofana naleli:

5.3.1 iculo (1)

5.3.2 usuku (1)

5.4 Ikhuluma ngani le nkondlo? Chaza ngamaphuzu amabili. (2)

5.5 Yini ukulobola? Chaza. (2)


[10]

IEB Copyright © 2021 PHEQA IKHASI


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-10 kwayi-17

UMBUZO 6

Inkondlo efundwe ekilasini.

Funda inkondlo engezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

INKUMBULO

1 Ukuhlumelela kohlaz' emahlungwini,


2 Nokuqhakaza kweminduze ehlobo:
3 Kuyabuhlumelelis' ubuhlungu beminyaka
4 Ubuhlung' obuhlukumez' inhliziyo,
5 Iqaqamb' ingenakudanjiswa
6 Iqaqanjisw' iminjunju yenkumbulo,
7 Iminjunju yokushiywa nguwe mama.

8 Ukushweza komoya ehlobo,


9 Ubuvus' ubucambalalis' utshani,
10 Zenanela nezinyoni ngemvunge:
11 Kungikhumbuz' elakh' iphimbo,
12 Unqambothi lomzwilili woqobo,
13 Elalisho kuvuk' using' endodeni,
14 Elalisho kusiphuzel' unwel' endodeni,
15 Elalisho kugcwal' usiz' emoyeni.

16 Ukuqhakaza kwezinkanyezi zomkhathi,


17 Ziminyiza zifiliz' okwezinhlansana:
18 Zingikhumbuz' awakh' amehlo
19 Ayekhany' okwezomlil' izinhlansana.
20 Zingikhumbuz' olwakh' uthotho,
21 Olwaluthothene lumhlophe njengeqhwa.
22 Zingikhumbuz' obakh' ubuhle
23 Obabungadle ngakugqama ngebala,
24 Obabugqame ngobumnen' obunzulu.

25 Ukuguquka kwezikhathi zonyaka,


26 Ubusika budedelana nehlobo,
27 Imini idedelana nobusuku;
28 Kungivusel' umunyu nethemba,
29 Ngokubikezel' ukuncipha kwempilo
30 Ngokusondez' olufihliw' usuku,
31 Usuk' olusidibanisa nomama
32 Siwolane, sibambane ngentokozo
33 Sishwibek' emadlelwen' entokozo
34 Kungasekho kuf' okosehlukanisa.

IEB Copyright © 2021


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-11 kwayi-17

6.1 Enkondlweni, tomula UMUGQA ochaza lokhu.

6.1.1 Imbongi yashonelwa ngumzali (estanzeni sokuqala). (1)

6.1.2 Ukushintsha kwezikhathi zonyaka (estanzeni sesine). (1)

6.2 Ngamaphuzu AMABILI, shono ukuthi imbongi ikhuluma ngani kule nkondlo. (2)

6.3 Bhala indikimba etholakala kule nkondlo. (1)

6.4 Imbongi yayikusiphi isimo ngesikhathi ibhala le nkondlo? Sekela impendulo


yakho. (2)

6.5 Sihambelana kanjani isihloko nenkondlo? Chaza ngamaphuzu amathathu. (3)


[10]

IEB Copyright © 2021 PHEQA IKHASI


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-12 kwayi-17

UMBUZO 7

Inkondlo engafundwanga ekilasini.

Funda inkondlo engezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

NAWE UNAKHO NJE

1 Wanginqumela ogodweni nje,


2 Wangihamba phansi kwezinyawo nje,
3 Wababaza intokomalo yezandla zami,
4 Wababaza ubumsulwa nobumnene benhliziyo yami,
5 Wadla inhlaba waba ugedleyihlekisa wenhlekisa,
6 Wakunika nje uMdali okwakho wehluka kimi nabanye.

7 Uyihlo nonyoko basibona isiphiwo kuwe


8 Ingani waphuma naso usifumbethe esandleni
9 Babona kungenele bakwetha elika Siphiwosenkosi
10 Ingani nawe bebekuphiwe, nawe uphiwe ezakho izipho
11 Pho ongaka umona ngowani?
12 Nawe unakho nje.

13 Ingan' izinkomo zibulal' inyoka


14 Usenga udle uwachithe amasi,
15 Onokuncane akusebenzele kanzima usezithele
16 Kufanele agoduswe ngoba usenezimpiko
17 Kwazinyoni ngazibona zindiza zonkana
18 Pho kungani ngingekhuphuke kunye nawe sonkana?

19 Siphiwe, ngidedele ngoba nawe unakho


20 Uganiwe, ngiganiwe, unezingane nginezingane
21 Nginomuzi unawo muhle
22 Sengikwazile iminyaka elishuni
23 Uyisikhulu uhloniphekile
24 Pho onakho njengawe wamzondani?

25 Kwaxabana ubendle saxakeka sonke,


26 Wagombela kwesakho waba yigovu,
27 Hlambuluka uphile njengabantu ebantwini
28 Ngikubona uzulelwa ngamanqe nje
29 Waze wazehlisa mhlonishwa wansondo
30 Nawe unakho nje.

7.1 Tomula impindwa kule nkondlo. (1)

7.2 Veza izinhlobo ezimbili zokuxhumana estanzeni 1 bese unika izibonelo. (2)

7.3 Bhala isizura esestanzeni 2. (1)

IEB Copyright © 2021


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-13 kwayi-17

7.4 Hlobo luni lwesifenqo lolu? Umugqa 24? (1)

7.5 Umugqa 20 unamagama nezinhlamvu ezigqamile. Kuyini lokhu okugqamile? (2)

7.6 Phawula ngezitanza nemigqa kule nkondlo. Bhala amaphuzu amathathu. (3)

[10]

Amamaki angama-30

IEB Copyright © 2021 PHEQA IKHASI


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-14 kwayi-17

ISIQEPHU D UKUSETSHENZISWA KOLIMI

UMBUZO 8

Sebenzisa le khathuni ukuphendula imibuzo elandelayo.

Sanibonani, igama lami nguJames. Ngisebenza


kanzima kulo nyaka ngoba kufanele ngithole imali
eningi. Phela kufanele ngishade isithandwa sami
uZodwa. Ngizothumela abakhongi ngoDisemba
ukuze bahambe bayokhokha ilobolo. UZodwa
yintombazane eziphethe kahle. Ngithokozile impela.

8.1 Sebenzisa amabizo abhalwe ngokugqamile enkulumeni kaJames ukwenza


lokhu:

8.1.1 Bhala izabizwana zoqobo.

(a) igama (1)

(b) imali (1)

(c) abakhongi (1)

8.1.2 Bhala izabizwana zokukhomba eduze ngamabizo owabhalile.

(a) igama (1)

(b) imali (1)

(c) abakhongi (1)

8.2 Nciphisa amagama alandelayo.

8.2.1 imali (1)

8.2.2 isithandwa (1)

8.2.3 yintombazane (1)

8.3 Lungisa amagama akubakaki ukuze kuzwakale kahle.

UJames 8.3.1 (thanda) noZodwa futhi uzimisele ngempela 8.3.2 (shada).


Phela uZodwa yintombi 8.3.3 (phatha) kahle endaweni yaseMlazi. UJames
uchitha isikhathi esiningi 8.3.4 (ihhovisi) lakhe. Edesikini 8.3.5 (yena) uhlale
ebeke isithombe 8.3.6 (uZodwa). (6)

IEB Copyright © 2021


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-15 kwayi-17

8.4 Qala le misho engezansi ngegama elikubakaki.

8.4.1 UJames uthumela (abakhongi). (1)

8.4.2 Abazali badla (ilobolo) namhlanje. (1)

8.4.3 Izithandani zijabulela (imali eningi). (1)


[18]

UMBUZO 9

Funda le khathuni bese wenza umsebenzi olandelayo.

9.1 Qala imisho njengoba ukhonjisiwe.

9.1.1 USlay queen unemali eningi.

Cha … (1)

9.1.2 "Ngicela ukuthenga igwinya noshizi, anginayo imali." Kusho uSlay


queen.

USlay queen uthi … (1)

9.1.3 "Angikweletisi."

Yebo … (1)

9.1.4 Manje uthenga iyababa.

Ngonyaka ka 2010 … (1)


[4]
IEB Copyright © 2021 PHEQA IKHASI
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-16 kwayi-17

UMBUZO 10

Sebenzisa isithombe esingezansi ukwenza umsebenzi olandelayo.

10.1 Bhala ondaweni esikhundleni samabizo akubakaki. Bhala impendulo kuphela.

10.1.1 (Ingubo) yakhe kukhona ibhande elihle. (1)

10.1.2 Kumnandi impela (usuku) lwezithandani uma nizobonana. (1)

10.2 Bhala izivumelwano zeziphawulo ezifanele emagameni akubakaki. Bhala


IMPENDULO KUPHELA.

10.2.1 UThando Thabethe ugqoke ingubo (-hle) kakhulu namhlanje. (1)

10.2.2 Yena uthanda izicathulo (-de) impela. (1)

IEB Copyright © 2021


NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I – MAY Ikhasi lesi-17 kwayi-17

10.3 Khetha igama elilungile ebhokisini ukugcwalisa izikhala. BHALA IMPENDULO


KUPHELA.

uthando othandweni isithandwa ukuthandwa nithandana

10.3.1 ________________ luhlanganisa abantu ababili. Uma


10.3.2 _______________ sakho sikuphathela izimbali ujabula kuze kuvele
elomhlathi. Phela kumnandi uma 10.3.3 _________________________
nizwana. Kuhle 10.3.4 _____________________ ngumuntu ofuna okwenza
uhlale ujabulile. (4)
[8]

Amamaki angama-30

Amamaki esewonke: 100

IEB Copyright © 2021

You might also like