- Ndodana yami,
gcina umyalo kayihlo,
ungawushiyi umthetho kanyoko. - Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.
- Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;
ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;
uNkulunkulu wami uyakungizwa. - Ngafunwa ngabangangicelanga,
ngafunyanwa ngabangangifunanga,
ngathi: ‘Ngibhekeni, ngibhekeni,’
kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami. - Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
- Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.
- Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,
izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,
kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi. - Nasi isihlupheki esakhala,
uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. - Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami. - Othanda ukulaywa uthanda ukwazi;
ozonda ukusolwa uyisiwula. - Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.
- Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kinina. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.
- Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,
nomkhuleko wakhe uyisinengiso. - Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.
- Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,
ngisindise indlu yakwaJosefa,
ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,
babe kungathi angizange ngibalahle,
ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;
ngiyakubezwa. - Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.
Izihloko ezihlobene
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...