- Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
- Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni. - Bongani uJehova, nibize igama lakhe,
nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe. - Liyakuba njalo izwi lami
eliphuma emlonyeni wami:
aliyikubuyela ze kimi,
lingakafezi lokhu engikufunayo,
liphumelele kulokhu engilithumele kukho. - Isiwula asithokozi ngokuqonda,
kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe. - Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami
makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami. - Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga
nasolimini lwenkohliso. - Ngomlomo umuntu
ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi. - Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana,
nomlomo waso ubiza imivimbo. - Wonke umshikashika unenzuzo,
kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela. - Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa,
kepha izwi elihle liyayithokozisa. - Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
- Londa ulimi lwakho kokubi,
nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. - Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.
- Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,
kepha umlomo wababi okuphambeneyo. - Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
- Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,
kepha zonke iziwula ziyaphikisana. - Susa kuwe ukuphambana komlomo,
nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe. - Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo;
ingqondo yababi iyinto encane. - Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo.
- Ofihla inzondo unezindebe zamanga;
ophumisa inhlebo uyisiwula. - UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka.”
- Kwathi ngithule, amathambo ami aguga
ngokububula kwami usuku lonke. - Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,
ongalaziyo ngokupheleleyo. - Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.
Izihloko ezihlobene
Ukuqamba amanga
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Inhlebo
Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana...
Iqiniso
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...