Amavesi EBhayibheli ngemali
- Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”
- Imfuyo etholakala kalula iyancipha,
kepha obutha kancane kancane uyandiselwa. - Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.
- Isibusiso sikaJehova siyacebisa;
akenezeli usizi kuso. - Ungakhandlekeli ukuceba;
kuyeke ngokuqonda kwakho. - Othanda imali akayikusutha ngemali,
nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize. - Dumisa uJehova ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho. - Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono
kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka. - Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”
- Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.
- Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.
- Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;
yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva. - Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.
- Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.
- Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’
- Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
- Dedisela kude nami okuyize namanga,
unganginiki ubumpofu nengcebo,
kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo. - Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;
ompofu ungcono kunomuntu wamanga. - Okuncane anakho olungileyo kungcono
kunemfuyo yababi abaningi.
Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa,
kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo. - Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.
- Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu,
nomusa kunesiliva negolide. - Amehlo akho ayandizela kulokho,
kepha akusekho,
ngokuba kuyazenzela impela amaphiko
njengokhozi olundizela ezulwini. - Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela; ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho.
- Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,
kepha ukulunga kophula ekufeni. - Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;
injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.
Izihloko ezihlobene
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Isikweletu
Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha...
Ukwemana
Othanda imali akayikusutha ngemali...
Ukuhlupheka
UJesu wathi kuye: “Uma...
Thembeka
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade.Ivesi elilandelayo